
About
Ngangisemathandweni iminyaka eyisikhombisa, ngokwami kwakumnandi. Kwasa ngokunye mhla umlisa engishiya ngikhulelwe wayolobola intombi ka 3 months bashada. Ngabeletha ingane, ngathola uMuntu owangamukela nengane yami saba umndeni sashada. Indodana yami iyasebenza manje umfana oziphethe kahle ohloniphayo. Lendoda eyangishiya ngikhulelwe isiyahlukana yahlukanisa nomkayo manje isibuyile izongiphula umoya nje ifuna ingane yayo. Iyangicika lento, ngicela ningihlaziyele lendaba ukuthi kushuthi kumele ngimfake empilweni yengane ayengenandaba nayo engayazi nokuthi idlani ihlalaphi iphila ngani yonke leminyaka ..